
Umsebenzi weNyuvesi Ungovelele
Click here for English version
Umsebenzi waseNyuvesi ovelele, uNks Dolly Mkize, oyibamba leMenenja ye-Safety, Health and Environment (i-SHE) Monitoring and Evaluation ekhempasini yase-Pietermaritzburg, uklonyeliswe ngomfundaze weMasitazi KwezokuPhatha EzokuPhepha e-Nyuvesi yaseNingizimu Afrika (University of South Africa [i-UNISA]).
Lo mfundaze ukhokhela imali yokufunda, awunikwe yi-South African Institute of Occupational Health and Safety (i-SAIOSH) ngokuthola i-diploma yakhe ephezulu ngamalengiso (cum laude). UMkize, oseneminyaka eyisikhombisa eyilungu le-SAIOSH, uqokwe waba umfundi wonyaka wama-2019 ngemva kokuthola i-Diploma ye-Safety Management ngamalengiso (cum laude). ‘Ngithakase kakhulu! Anginanhlanhla kodwa ngibusisiwe ngoba yonke into enginayo kungenxa yomusa kaNkulunkulu,’ kusho yena.
Njengoba enephupho lokuthola iziqu zobudokotela engakahlanganisi iminyaka engama-35 nokushicilela izincwadi ngezempilo nezokuphepha emsebenzini ezigxile ekusebenzeni nezinqubo zamanyuvesi aseNingizimu Afrika, uthe nokwenza iMasitazi yakhe kuzosimamisa umsebenzi wakhe ngokumhlomisa ngamakhono akhethekile azomenza akwazi ukulekelela i-UKZN ngezinhlelo ezintsha zezempilo nokuphepha emsebenzini.
UMkize uthe uyakwazi ukuhlela impilo yakhe ingaphazamisi izifundo zakhe ngokulungiselela nokuhlela isikhathi sakhe sokufunda esebenzisa ama-app okusebenza. Unodadewabo ababili abadala abaneziqu zobudokotela nomfowabo omncane owenza iMasitazi, lo mndeni wezifundiswa akungatshazwa ukuthi uphokophele esicongweni.
Ebonga abazali bakhe nezingane zakubo ngokumkhuthaza njalo nokukholelwa kuye, uMkize ubonge umngani wakhe uNks Baroness Vere ngezeluleko zakhe ezimqoka ngemboni yezempilo nezokuphepha.
Umbhalo: uHlengiwe Khwela
Isithombe: Sithunyelwe